Bavele enkantolo abaqola umshwalense
2012-10-09 14:01
Durban - Abantu
abahlanu abasolwa ngokuqamba amanga ngokufa komuntu ukuze bathole imali
yomshwalense bavele eNkantolo ephathelene nezeziMali eThekwini ngoLwesibili.
Icala
elithweswe izelamani – okungu Zodwa Ngcobo, uThulile Madondo, kanye noZandile
Linda – lihlehliselwe u-Okthoba 22.
USibongiseni
Thabethe noBrian Khumalo bazophinde bavele enkantolo ngoNovemba 20.
Icala
labo lihlehliswe ukuze kwenziwe olunye uphenyo.
UCaptain
Thulani Zwane uthe abasolwa basebenzisa umazisi owebiwe, kaMandisa Mkhwebula,
yena engazi, ukuze bayofuna imali yomshwalense.
"Ngemuva
kwezinyanga eziyisishiyagalolunye bedlala umshwalense, bathi useshonile,
bagcwalisa amaphepha eMnyangweni wezaseKhaya, nakubangcwabi kanye nakudokotela
ukuze bakwazi ukuthola imali,” kusho uZwane.
Udokotela
oneminyaka engu-47 ubudala waseSiphingo kusolwa ukuthi wanika izelamani incwadi
engabhalwe lutho ngesikhathi ebasiza ukuba bakwazi ukuthola le mali.
Udokotela,
u-Aime Callixte Bakundukze, uzovela enkantolo ngelanga elilodwa noThabethe
kanye noKhumalo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA