Bavele enkantolo abakhwabanisela umshwalense
2012-11-29 14:04
Durban - Abantu abane kulindeleke ukuba bavele eNkantolo ephathelene nezeziMali eThekwini kulandela ukuboshwa kwabo ngamacala okukhwabanisela umshwalense.
Ukubanjwa kwalaba bantu okungabaseMzinto, eNanda naseChatsworth ngoLwesithathu kulandela ukuboshwa kukadokotela u-Aime Bakunde ngasekuqaleni kwenyanga.
Kwatholakala amafomu angabhalwe lutho esendlini kadokotela ngesikhathi amaphoyisa asesha khona.
Abaphenyi base benikeza izinkampani zemishwalense ama-serial number ngenhloso yokuthola ukuthi ngabe kukhona yini lapho asetshenziswa khona kukhwabaniswa.
Izinkampani zabe zeziphumela obala ngesikhathi zithola ukuthi kunokushaya amanzi.
Elokuqala limayelana nothisha waseMzinto eneminyama engu-31 ubudala owaphumelela ukuthola imali engu-R30 000 kanti ubesalinde enye engu-R100 000.
Kusolakala ukuthi wathathathela udadewabo i-policy ekubeni washona ngoSepthemba ngonyaka odlule.
Kusolwa ukuthi wenzela i-policy udadewabo esevele ashona.
Kwesinye isigameko, owesilisa waseNanda yena wakhokhelwa u-R160 000 esizwa yintombi yakhe.
Kusolakala ukuthi basebenzisa umazisi wowesifazane ukuze bathole i-policy ngegama lakhe.
Awekho amaphepha ayefakazela ukushona kwakhe njengoba angcwatshelwa emakhaya.
Lezi zithandani ziphonswe imibuzo zabe seziveza ukuthi amafomu zawanikwa owesilisa waseChatsworth.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24