Bathukile ngesigwebo sikaSensai

2012-12-06 12:03

Johannesburg - Ngemuva kwesikhathi esingunyaka ezikhalela enkantolo, ethi umkakhe nguye ombheca ngamacala okunukubeza ngokocansi, uSensai waseFourways, ugcine egwetshwa unyaka owodwa, eboshelwe endlini (house arrest), ngamacala okunukubeza ngokocansi abafundi bakhe abangu-11.

Isigwebo lesi sibashiye bekhexile abemindeni yezingane ezanukubezwa, kanjalo nabezinhlangano zamalungelo.

IMantshi uSyta Prinsloo uphinde wagweba uPeter Foyn, wathi kumele asebenzele umphakathi ngaphandle kweholo, asebenze amahora angu-20, esikhathini esiyiminyaka emithathu.

Kuthiwa isigwebo sikaFoyn sesekwe ukuvuma kwakhe icala, akwenze ngenyanga eyedlule.

Lona wathintathinta izingane ezineminyaka yobudala elinganiselwa kwisishiyagalombili.

“Into elungile oyenzile ukuthi ukhulume iqiniso. Uvikele izingane ekutheni zilokhu ziphekwa ngemibuzo. Lokho kuzozisiza," kusho uPrinsloo.

“Ngabe kufanele ukuthi sibonge ukuthi uvume icala?” kubuza omunye wabazali.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...