Bathenge ukudla okunezibungu

2013-01-16 12:04

Bloemfontein – Umama waseFree State uthi uthuke woma ngesikhathi ethola ukuthi ama-hot dogs awathenge esitolo esidumile abegcwele izibungu.

U-Adele Terblanche, 32, utshele iVolksblad ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka eyisithupha ubudala ubisilungiselela ukuyiluma ngesikhathi ebona le-hot dog ayithenge eFruit & Veg igcwele izibungu.

UTerblanche uthe ubethenge ama-hot dogs ayisithupa ngoba indodakazi yakhe ibiwahalela.

Ujabulile kodwa ngoba uzibone kuqala izibungu engakadli.

“Bekungekeza okunye.”

UTerblanche uphindele esitolo lapho ethenge khona, watshelwa ukuthi ama-hot dogs awathengile asemasha. Kudingeke ukuba akhombise imenenja, nayo yavele yanyanya.

Ubatshele ukuthi akafuni ukubuyiselwa imali yakhe kodwa ufuna wonke ama-hot angakathengwa bawalahle.

Namanye ama-hot dogs amabili atholakale enezibungu.

Imenenja yesitolo uJean Harker uthe lama-hot dogs bekungafanele abelapha, futhi lokhu kukhombisa ukungaphathwa kahle kwesitokwe.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-10°C Sunny. Cool.
Dbn: 10-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...