Bashoda kakhulu odokotela elimpopo - SAIRR
2013-01-17 14:07
Cape Town - Isifundazwe saseLimpopo sinezikhala eziningi zodokotela, njengoba amaphesenti eqopha ukuthi zingu-86% izikhala zomsebenzi uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe, kusho ucwaningo olwenziwe ngabakwaSA
Institute of Race Relations.
ILimpopo ilandelwa yiNorthern Cape enesilinganiso esigu-57%, kube yi-Eastern Cape yona enezikhala eziyisilinganiso esingu-48%, isifundazwe esinezikhala ezincane kakhulu yiNorth West, enezikhala eziku-26%.
Abakwa-SAIRR bathi ezweni lonkana kunezikhala zodokotela eziku-56% ekulindeleke bangene ezikhungweni zikahulumeni.
Izibalo ziqhubeka zithi iLimpopo inezikhala eziningi zamanesi ekumele zivalwe, lezi zibalo zimi ku-68%, kulandele i-Eastern Cape ngo-67%,
kube yiFree State ngo-47% bese kuphinda kugcina iNorth West ngo-12%.
Ezweni lonke, siku-46% isibalo samanesi ekumele baqashwe ezikhungweni zikahulumeni.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA