Bashe bangqongqa engozini ePitoli
2011-09-29 10:44
Johannesburg - Abezimo eziphuthumayo bathi kushone abantu ababili ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayisana nenye emgaqweni uR21 ongenela eKempton Park, ePitoli.
Okhulumela abakwaNetcare 911 uJeffrey Wicks uthe le ngozi yenzeke ngasebhulohweni iNellmapius Drive ngezithuba zawo-07:00.
"Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesehlakalo bathola imoto ivutha amalangabi. Ababili abebekuyona bashe bangqongqa."
Kusazokwenziwa uphenyo lokuthi bebengekho yini abanye abebekule moto.
Umshayeli wenye imoto uthole imihuzukwana.
Amaphoyisa ayaphenya ngale ngozi.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA