Bashe bangqongqa bevelelwa yingozi
2012-12-17 10:51
Johannesburg - Abantu abayisihlanu bashe baba ngumlotha ngesikhathi itekisi yabo igingqika yase yokheleka ngomlilo eNelspruit, kusho izikhulu kulandela le ngozi ngoMsombuluko.
Kushone abesifazane abathathu nezingane ezimbili, kusho okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi eMpumalanga, uJoseph
Mabuza.
"Kutholakale isidumbu sengane sishile nebigonwe ngunina, akwaziwa ukuthi ibingakanani."
Kubonakala sengathi umshayeli uhlulekile ukulawula imoto yase ishayisa isihlahla.
"Abantu babe sebejikijeleka ngamawindi yase imoto igqamuka amalangabi."
Kusinde abantu abayisishiyagalolunye.
Ababili kubona basesimweni esibucayi.
Akucaci noma umshayeli usindile na, le tekisi ibilibangise eMozambique.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA