Bashaywe babhunyelwa ngopende behlaselwa

2012-12-14 10:01

Durban - Ababonakali nokuthi bangobanni abashadikazi asebekhulile ababoshwa ngowaya, bashaywa bashiywa umndondo base bebhunyelwa ngopende balahlwa emgwaqeni.

UFrieda Gey van Pittius, 80, nomyeni wakhe uOscar, 82, base-Effingham Place, eTrafalgar, bahlaselwa yiqulu lamadoda abezifihle ubuso, kubika iThe Mercury.

Lokhu kuhlasela kwethuse kakhulu amaphoyisa nabahambisa usizo oluphuthumayo.

Amaphoyisa athi ngoLwesithathu uPittius ubuyele kwakhe wathola ukuthi kunezinto eziningi egcekeni ezimvimbela ukuthi angene egalaji.

“Ube esephuma emotweni ezama ukugudlula izithiyo. Ngaleso sikhathi kuqubuke iqulu lamadoda amhlasela amphoqa ukuthi angene endlini angabangi umsindo," kusho okhulumela amaphoyisa.

Ngokusho kukaLieutenant Colonel Jay Naicker, abahlaseli bathathe imali, ikhamera, amawashi amabili, indandatho yomshado kanye nesibhamu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 13-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...