Bashaqelwe izimpahla abakwaMpisane

2013-02-06 14:04

Durban - Uphiko olushaqa izimpahla i-Asset Forfeiture Unit ngoLwesithathu ekuseni luqalise ukuthatha impahla yenani lika-R140 million emzini wowayeyiphoyisa likaMasipala weTheku uSibusiso Mpisane, kusho oKlebe.

Kulezi zimpahla kubalwa isithabathaba somuzi nezimoto zohlobo oluphambili.

"I-AFU kanye noKlebe benza umyalelo wenkantolo manje. Impahla kusolakala ukuthi yatholakala ngemali yobugebengu,” kusho isikhulumi uCaptain Paul Ramaloko.

UMpisane usolwa ngokufaka inkampani yakhe yokwakha ngaphansi kwe-Construction Industry Development Board ngokuthi athumele amaphepha omgunyathi nokwaholela ekutheni athole ithenda ka-R140 million.

UMpisane waba ngusozigidi ngemuva kokuthola ithenda yokwakha izindlu zikahulumeni zamanani aphansi.

Unkosikazi wakhe, uShawn, owatholwa enecala lokukhwabanisa intela, kumanje uhamba icala lokungayikhokhi intela eNkantolo yesiFunda eThekwini.

Phakathi kwezinto asolwa ngazo, ngukubhala imali engekho kuma-invoice engafinyelela ngaphezulu kuka-R5 million ngenhloso yokuba aphulelwe intela.

Waliphika icala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...