Basenkingeni abazale izingane ezimbili onyakeni

2012-12-13 10:02

Johannesburg - UMnyango wezaseKhaya uyala ukubhalisa ingane ezalwe ngemuva kwezinyanga eziyisikhombisa kuphela kwazalwa umfowabo, kusho umbiko wangoLwesine.

Abazali balolu sana olunezinyanga ezintathu, batshele iphephandaba iBeeld, bathi uMnyango uyala ukubhalisa umntwana wabo, athole isitifiketi sokuzalwa.

U-Abraham Jacobus (Jaco) Smith, wazalwa engakaziqedi izinyanga eziyisishiyagalolunye esesiswini, uzalwa nje, kusaphele izinyanga eziyisikhombisa kwazalwa umfowabo uWilliam.

Abazali, uBraam Smith nonkosikazi wakhe uSuzette, baseKomatipoort, eMpumalanga, batshelwa yisikhulu soMnyango ukuthi angeke bakwazi ukubhalisa umntwana wabo.

Isikhulu sathi uhlelo loMnyango aluvumi ukuthi kubhaliswe izingane ezingaphezu kweyodwa esikhathini esingunyaka, futhi zizalwa ngabazali ababodwa.

Laba kwathiwa abaxhumane noMnyango ePitoli isikhulu soMnyango uRonnie Mamoepa uthi uMyango uyalulandela lolu daba.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-21°C Passing showers. Partly sunny. Mild. Bloem: 14-22°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 20-29°C Rain late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Showers late. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...