Basenkantolo ngelokushiswa kwezitimela eMlazi

2013-02-01 14:03

Durban - Kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMlazi amadoda amane aboshwe mayelana nokushisa izitimela ezimbili kuleya ndawo esenyakatho neTheku ngoLwesine.

Amaphoyisa abophe abantu abane ngemuva kokuqubuka kwezibhelu, neziqalwe ngabagibeli ababevutha bengabaselwe bekhala ngokubambezeleka kwezitimela, kulandisa iNewswatch.

Lesi sigameko senzeke KwaMnyandu esiteshini nalapho lo monakalo kuthiwa ubalelwa ku-R40 million.

Izitimela ezimbili, esinye ebesiya eThekwini kuthi esinye silibangise eMlazi, zishaywe ngamatshe zase zokhelwa ngomlilo.

Owamaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa asankanise kuleya ndawo.

"Amaphoyisa azothi ukuzinza kuleya ndawo ukuqinisekisa ukuthi azikho ezinye izigameko zalolu hlobo," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...