Basenkantolo ababulale owesifazane eKapa
2012-10-08 12:03
Cape
Town – Abantu abathathu bazovela eNkantolo yeMantshi eWynberg ngoMsombuluko
ngecala elihlobene nokubulawa kukamama osemncane waseKapa.
Iphephandaba iCape Times ibike ukuthi laba abathathu, abaneminyaka engu-20 kuya
ku-25 ubudala, bazovela enkantolo ngecala lokubulala nelokutholakala nempahla
eyebiwe.
U-Anzunette
du Plessis, 33, wabulawa esekhaya lakhe eClaremont ngoLwesine.
Umakhelwane
owathola isicabha kanye nesango livulekile, utshele iphephandaba ukuthi usola
ukuthi uDu Plessis wavula umnyango ngoba ebone umuntu amaziyo kulaba
abambulala.
Okhulumela
amaphoyisa uCaptain Andre Traut uthe ngemuva kancane kokubulawa kwakhe, laba abathathu
babonakala kuRacecourse Road, bephethe izinto ezebiwe endlini kaDu Plessis.
Uthe
umsolwa wesine usagcwele amathafa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA