Basazohlala esotokisini ababoshwe eSasolburg

2013-01-23 16:43
Yabelani Shicilela

Sasolburg - Abantu abangu-39, bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseSasolburg, mayelana namacala ahlanganisa ukudala udlame emphakathini kanjalo nokucekela phansi impahla.

Abantu abangu-29 kwababoshiwe, bangabaseDeneysville, ngaseSasolburg.

Laba kulindeleke bafake isicelo sebheyili mhlaka-30 Januwari, kanti imantshi uC Neyt, udedele abayishumi ngesexwayiso.

Abasolwa baboshwa ngoMsombuluko ngesikhathi kuqubuka umbikisho wabahlali, mayelana nezinhlelo zokuhlanganisa uMasipala waseMetsimaholo nowaseNgwathe .

ISasolburg, Deneysville kanye ne- Orangeville, kungena ngaphansi kweMetsimaholo.

Umshushisi uHennie Olivier uthe kuhlehliswe ukufakwa kwesicelo sebheyili njengoba abasolwa bengenaye ummeli.

Abantu abaningi ebebeqhinqe ngaphandle kwenkantolo, bajabhiswe yizindaba zokuthi imindeni yabo isazoqhubeka nokutoka.

Amalungu omphakathi athi kukhona abantu ababoshelwe amahala.

"Umfowethu uboshwe esendleleni eya esikoleni, uhlangane namaphoyisa amthatha,” kusho omunye wabahlali.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...