Basale bedinga kusha eThekwini

2012-12-27 12:21

Durban - Ingaphezulu kwekhulu imindeni ezama ukuhlanganisa izinto kancane kancane kulandela ukucekeleka phansi kwamakhaya ayo ngenxa yomlilo emijondolo ekuPalmiet Road eThekwini endaweni yaseClare Estate, kubika iNewswatch.

Umlilo ucekele phansi imijondolo ngosuku olwandulela uKhisimusi washisa imizi engu-85.

Bangaphezulu kuka-150 abantu abasale dengwane.

Nakuba ingakacaci imbangela yomlilo, amaphoyisa akholelwa ukuthi umlilo uqale emjondolo oshiywe kuvutha kuwo ikhandlela.

Abantu ababili belashelwa izilonda zokusha esibhedlela. 

UMnikelo Ndabankulu, osenhlanganweni Abahlali baseMjondolo, uthi iningi lemindeni ekhahlamezekile yileyo esemaholidini.

"Abanye babo abasiboni isidingo sokuphuthuma babuye ngoba impahla yabo, imizi nakho konke okunye kushile.”

UNdabankulu uthi labo okwenzeke lo mshophi besezindlini zabo, bacushiswe emahholo omphakathi, ngesikhathi besakha kabusha imizi yabo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 14-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...