Basabisa ngokuphazamisa i-Afcon eThekwini
2013-01-22 10:02
Thamsanqa Magubane, The Witness
Durban - Abasebenzi baKwaZulu-Natal Emergency Medical Rescue Services basabisa ngokuphazamisa imidlalo ye-Africa Cup of Nation (Afcon), ezobanjelwa eThekwini, uma kungahlangatshezwana nezimfuno zabo.
Abasebenzi bathi kuzoma nse ukusebenza ngeSonto, uma sekudlala iNingizimu Afrika neMorocco, baphinde baphazamise umdlalo weMali neDemocratic Republic of Congo, ozokuba ngoMsombuluko.
Lokhu kuvele ngesikhathi abasebenzi bebhikisha eMgungundlovu, ngesikhathi kubhikisha abasebenzi abalinganiselwa ku-300.
“Sizophazamisa imidlalo uma singanikwa izimfuno zethu,” kusho okhulumela abasebenzi uSifiso Dlamini.
Abasebenzi bahambise uhlu lwezikhalazo esikhulwini ebesimele iHhovisi likaNdunankulu uVivani Made, kulindeleke ukuthi ihhovisi liphendule zingakadluli izinsuku eziyisikhombisa.
Umkhulumeli wekomidi elihlela imidlalo uSipho Sithole, akakwazanga ukuphawula, ethi bebengakezwa ngalezi zinsongo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- The Witness