Baqophe umlando odokotela eKapa

2013-01-10 09:01

Johannesburg -  Kuqopheke umlando ngesikhathi odokotela baseKapa, belungisa inhliziyo yowesifazane, ngaphandle kokuthi ahlinzwe, kusho abeMedi-Clinic SA, ngoLwesithathu.

Odokotela balungise inhliziyo kaMarianna Cronje, ebikade inembobo, iconsa, lona wazalwa inhliziyo yakhe ingasohlangothini lwangakwesokudla.

"Lolu hlobo lokwelapha alulula neze, ikakhulu uma umuntu ezalwa inhliziyo ingakolunye uhlangothi," kusho udokotela uHellmuth Weich.

UWeich uthi balekelelwe ngodokotela baseLausanne, eSwitzerland.

UCronje waseStellenbosch, usahlinzwa izikhathi ezine eminyakeni engu-40 eyedlule, ukuhlinzwa kokugcina kwaba ngo-2000.

Ngesikhath iinhliziyo yakhe iqala ivuza, odokotela banquma ukuthi angeke isahlinzwa njengoba kade esehlinzwe kwaze kwaba kaningi.

Ukwelashwa lokhu kudonse amahora ayisithupha.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...