Baphoxile abashayeli bezimoto - RTMC
2013-01-02 13:02
Johannesburg - Abashayeli bezimoto abayenzele phansi iNingizimu Afrika, ohlelweni lokuthi kushaye u-2015 sibe sesehle ngengxenye isibalo sabashona ezingozini zomgwaqo ngamaholidi, kusho iRoad Traffic Management Corporation ngoLwesithathu.
"Empeleni uhlelo luyasebenza... Izehluleki yilaba abasebenzisa imigwaqo, kusho isikhulumi u-Ashref Ismail.
"Abantu kumele bafunde ukuziphatha kahle ngoba u-80% kuphela wabashayeli abagcina imithetho, abanye cha.
"Kungukuxhamazela ukuthi uhlelo alusebenzi, usho kanje ephendula iphephandaba iThe Star ngoLwesithathu, ethe uhlelo lokuphepha luyahluleka, alusebenzi.
Iphephandaba libike ukuthi ngoDesemba 2006/Januwari 2007 ngesikhathi samaholidi kwashona abantu abangu- 1261 emigwaqeni.
Ngo-2008, uMnyango wezokuThutha wamemezela uhlelo lokwehlisa izingozi.
NgoMsombuluko i-RTMC imemezele ukuthi bangu-1207 abantu abashonile ezingozini ezingu-1006 ezenzeke kusukela ngoDesemba.
Ngelanga lokuqala ku-2013, kushone abantu abangu-18 kwalimala abangu-17 ezingozini ezahlukene ezweni lonke, ngokwezibalo ezibikwe yiSapa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).