Baphenywa ngokufa kowesifazane
2012-06-29 16:42
Johannesburg - Kutholakale isidumbu sowesifazane waseLesotho emikhukhwini yaseFreedom Park, eRustenburg, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesihlanu
Owesifazane olinganiselwa ko-30 ubudala, utholakale enqunu enenxeba esifubeni nasesandleni sakhe sangakwesokudla, kusho uCaptain Amanda Funani.
Amaphoyisa asola ukuthi lona udlwenguliwe ngaphambi kokuthi abulawe.
Bathathu abantu abaphenywa ngamaphoyisa ngalesi sehlakalo, kusho uFunani.
Mhla zintathu kuJuni kwatholakala isidumbu sowesilisa edutshulwe ekhanda, mhlaka-30 kuMeyi kwatholakala owesilisa eshonile enenxeba lokugwazwa, zonke lezi szehlakalo zenzeke eFreedom Park.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).