Banyuselwe imali abeSactwu
2012-07-06 16:43
Johannesburg - Abasebenzi benyunyana iSA Clothing and Textile Workers' Union
(Sactwu), bagcine bekwazile ukuphoqa umqashi ukuthi enyuse amaholo abo ngamaphesenti ayisikhombisa, kusho imibiko ngoLwesihlanu.
Abasebenzi abangu-2 300 benkampani esebenza ngesikhumba bazokwenyuselwa amaholo kusukela ngoLwesihlanu.
Ukwenyuswa kwemali kulandela isivumelwano sabasebenzi nenkampani esenziwa eminyakeni emibili edlule.
Okhulumela inyunyana uLawrence Xola uthe izingxoxo zaqala ngonyaka owedlule.
"Izingxoxo zabe zinzima kodwa sakwazi ukufinyelela esivumelwaneni," echaza.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).