Baningi abazodinga impesheni - Gordhan
2012-10-25 16:12
Cape Town - Bangaphezu kwesigidi abantu bakuleli abazobe sebethembele kuhulumeni ukuthola imali yokuziphilisa eminyakeni emithathu ezayo, ngokusho kukaNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan.
Ethula isabelomali saphakathi nonyaka ka-2012 ePhalamende, uthe isibalo sabathola isibonelelo sikahulumeni sizonyuka sifinyelele ku-17.3 million ngo- 2015/16.
Okwamanje bangaphezulu kuka-16.1 million abantu abathola isibonelelo, ngokusho kwamabhuku, isibalo sezingane ezithola isibonelelo yisona esizonyuka kakhulu.
Balinganiselwa ku-12.2 million abazali abazobe bethembele emalini yesibonelelo sikahulumeni ukunakekela izingane zabo.
Isibalo sabathola impesheni yabadala namaqhawe ezempi, simi ku-2.8 million okwamanje, kanti sizonyuka sibengaphezulu kancane kuka-3 million eminyakeni emithathu ezayo.
Ngaso leso sikhathi, isibalo sabakhubazekile baseNingizimu Afrika abaphila ngesibonelelo sizokwehla sibe ngaphansi kuka-1.1 million.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).