Baningi abayeka isikole - Ucwaningo

2012-11-26 16:43

Johannesburg  - Izingane eziningi sazeNingizimu Afrika eziseminyakeni yobudala ephakathi kweyisihlanu neyisikhombisa, ziyafunda, lesi sibalo sikhulu kakhulu kunesango-1996, kusho ucwaningo olwenziwe ngabakwaSA Institute of Race Relations (SAIRR).

Ngo-1996 zazimi ku-23% kuphela izingane ezineminyaka emihlanu yobudala, ezabe zifunda, lesi sibalo siqhathaniswe no-81% wangonyaka ka-2011, kusho isitatimende sakwaSAIRR, ngoMsombuluko.

Okungenani baku-50% abaneminyaka yobudala eyisithupha ababefunda ngo-1996, njengamanje isibalo siku-93% kanti abaneminyaka eyisikhombisa bona baku-96%.

Umthetho wakuleli uthi abantwaba abaneminyaka ephakathi kweyisikhombisa kuya kwengu-15 ubudala, baphoqelekile ukuthi bafunde isikole.

Ucwaningo luthole ukuthi baningi abaneminyaka engu-19 abashiya isikole bengakafiki ebangeni leshumi, emanyuvesi nakhona kuthiwa kunesibalo esiphezulu sokushiya abafundi bengakaqedi izifundo zabo.

Umcwaningi kaSAIRR uJonathan Snyman uthe iyakhathaza eyokushiya phakathi kwabafundi, njengoba iNingizimu Afrika iyizwe elinesibalo esiphezulu sabantu abashoda ngamakhono.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...