Baningi abashone ezingozini zomgwaqo

2013-01-02 11:00

Johannesburg - Isibalo sabashone ezingozini zomgwaqo ngamaholidi sesifinyelele ku-1 207, kusho okhulumela iRoad Traffic Management Corporation u-Ashref Ismail ngoLwesibili.

U-Ismail uthe bangu-1 207 abashone ezingozini kusukela kuqale uDisemba, wathi cishe abangu-18 kubona bashone ezingozini zomgwaqo kunyaka omusha, kusho amaphoyisa omgwaqo.

Emahoreni angu-100 bezingekho izingozi ezibikiwe kwase kuba nezingozi ezimbili ezidlule nemiphefumulo ezenzeke eMpumalanga nasePort Elizabeth, kusho umbiko we-Indipendent Online.

Kushone intsha enhlanu ngesikhathi iveni, ebishayelwa oneminyaka engu-15 ubudala, ingingqika eBushbuckridge, eMpumalanga.

“Ubengenazo izincwadi zokushayela kanti ubethwele abanye abangangaye abangu-13. Abangu-8 kubona bathole imihuzuko.”

EPort Elizabeth, ibhasi lishayise ababili abebehamba ngezinyawo izolo, bashona.

“Sisola ukuthi utshwala nejubane eliphezulu yikhona okudake ingozi. Cishe u-40% wezingozi emigwaqeni yakuleli idalwa abahamba ngezinyawo. Iningi labo liphuza bese lihamba emgwaqeni, kusho uIsmail.

UIsmail unxuse abashayeli bezimoto ukuba baqaphele abawela imigwaqo behamba ngezinyawo.

“Abahamba ngezinyawo nabo kumele baqaphele bangahambi emgwaqeni enguthelawayeka futhi baqgoke izingubo ezibonakalayo uma behamba ebusuku emgwaqeni," usho kanje.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Senyukile isibalo samabhasi ashisiwe

Emizuzwini eyi-5 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...