Baningi abashone ezingozini kuleli - Ngqongqoshe
2013-01-10 13:02
Durban - Bangaphezu kuka-1400 abantu abalahlekelwe yizimpilo zabo ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha uDikobe Ben Martins, ngoLwesine.
"Ngokusho kwabakwaSA Police Service, balinganiselwa ku-1465 abantu abashonile ezingozini,” kusho uMartins.
Ethula izibalo zokuqala eseThekwini, uBen Martins uthe zingu-1221 izingozi ezibikwe kusukela mhla lulunye kuDisemba kuya kumhla ziyisishiyagalombili kuJanuwari.
Ungqongqoshe uthi u-40% wabashonile, bekungabantu abahamba ngezinyawo futhi abakade bephuzile.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).