Baningi abashona emigwaqeni eW Cape

2012-12-13 16:36

Cape Town - Silokhu sikhule njalo isibalo sabantu abashona emigwaqeni esifundazweni eWestern Cape, uma kuqhathaniswa nangalesi sikhathi ngonyaka owedlule, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha uRobin Carlisle.

"Ezinsukwini eziyishumi kuqale inyanga, bangu-62 abantu abakade sebeshonile emigwaqeni kulesi sifundazwe. Esikhathini esifanayo ngonyaka owedlule, babe bengu-43. Isibalo sikhule ngo-31%," kusho isitatimende sikangqongqoshe.

Ebantwini abangu-62 abashonile, abangu-28 ababehamba ngezinyawo.

"Lena akusiyo indlela enhle yokuqala amaholidi kakhisimusi, kulahleka izimpilo zabantu, okungenani kushona abayisithupha ngosuku."

Phakathi kuka-Agasti 2011 noJuni 2012, amaphoyisa omgwaqo akhiphe amathikithi angu-13 621, ehlawulisa abantu ababengawafasile amabhande, aba ngu-415 ababephula eminye imithetho yomgwaqo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UMeyiwa akalalanga uguqe ngamadolo

Emizuzwini eyi-5 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...