Baningi abafaka kwakhiwa umuzi kaZuma - Umbiko

2012-11-21 10:01

Johannesburg - Ubufakazi ecaleni lenkohlakalo nelokukhwabanisa elalibhekene noSchabir Shaik baveza lapho kuqhamuka khona enye yemali eyakha umuzi kaMengameli Jacob Zuma oseNkandla, kubika iBeeld ngoLwesithathu.

Ngokombiko waleli phephandaba, uShaik, nowayengumeluleki wezezimali kaZuma, wacela ukugwazelwa yinkampani ekhiqiza izikhali yaseFrance, nokuthiwa yasetshenziselwa ukuthuthukisa umuzi kaZuma.

Ngesikhathi kuqhubeka icala likaShaik, neliphele ngo-2005, umcwaningi mabhuku wakwaKPMG uJan van der Walt wafakaza wathi imali yokwakha umuzi kaZuma yatholakala ebantwini abaningi abahlukene neyaba ngu-R1.3 million.

Ngokomunye umbiko, iBohlabela Wheels, yaseMpumalanga, yakhokha imali ebalelwa ku-R140 000 enkampanini eyayakha umuzi kaZuma eNkandla.

Kwaphinde kwavela nokuthi usomabhizinisi uVivian Reddy wamela uZuma ekubolekweni kwemali ngo-R400 000, nokuthiwa kwakwazi ukuthi kuvumele uZuma ukuba abolekwe imali engu-R900 000 ebhange uFNB.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...