Banikwe isinxephezelo ababoshwa ngephutha

2012-03-22 08:31

Johannesburg - Abashadikazi baseSwazini bazothola imali engango-R80 000 umuntu ngamunye njengesinxephezelo emuva kokuthi amaphoyisa ababopha ngephutha ngoba ethi bashayela imoto eyebiwe, kubika iphephandaba iThe Star ngoLwesine.

UGoodness Masango nomyeni wakhe uVusi Dlamini bobabili bebefuna amademeshe ka-R350 000 ngaphambi kweNkantolo eNkulu yasePitoli.

UJaji Legodi Phatudi unqume ukuthi u-R80 000 obafanele umuntu ngamunye.

Baboshwa emngceleni waseMatsamo bengenela eMpumalanga ngoJuni 30, 2007.

Baphucwa imoto njengoba amaphoyisa anqaba ukunikeza uMasango ithuba lokuqinisekisa ukuthi imoto ngeyakhe.

Balala izinsuku ezimbili ejele.

Amaphoyisa ayelokhu emile kwelokuthi kunemibiko ezungezayo yokuthi le moto yebiwe yize ingakaze ibikwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Amaphoyisa adubule abulala umsolwa eGoli

Emizuzwini eyi-50 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...