Bangu-455 obhejane ababulewe kuleli
2012-10-16 14:07
Bloemfontein - Limi ku-445 inani lobhejane abazingelwa ngokungemthetho babulawa kuleli kulo nyaka uwodwa, kusho uMnyango wezeMvelo ngoLwesibili.
Lesi sibalo sesivele sikhulu kunaleso sangonyaka odlule.
Izilwane lezi iningi lazo zibulawa eKruger National Park, nalapho bengu-272 obhejane abazingelwa ngokungemthetho ngasekuqaleni kuka-2012.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal, iLimpopo neNorth
West yizona ezishayeke kakhulu njengoba zilahlekelwe obhejane abangu-150
kulo nyaka.
Okhulumela uMnyango u-Albi Modise uthe bangu-207 abantu ababoshiwe ngokuzingela obhejane ngokungemthetho nokudayisa ngezimpndo zobhejane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA