Bangu-32 000 abafesele izikhala ezingu-90

2012-12-28 12:51

Durban - Kulindeleke ukuthi lime ku-32 000 inani labantu abazobhalisela izikhala zomsebenzi ezingu-90 zamaphoyisa omgwaqo esifundazwe, kubika iphephandaba iThe Mercury ngoLwesihlanu.

Ngokwalo mbiko bangu-15 000 abantu abatheleke eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu ngoLwesine ukuyohlolwa ukuthi bangakwazi ukugijima ibanga elingamakhilomitha amane ngemizuzu engu-30.

NgoLwesihlanu kulindeleke abantu abangu-17 000.

Ngokwalo mbiko, baningi abahlulekile kulokhu kugijima, njengoba abanye bekhale ngokukhathala bengakaliqedi ibanga elibekiwe.

"Lokhu kwenzeka nje amaholidi kaKhisimusi lapho sidla khona ngokunganaki, asibanga naso isikhathi sokuzilungiselela," kusho uNomathemba Cele, nobengomunye wabebezozama inhlanhla.

Abazokwazi ukuphasa ekugijimeni bazodlulela kwelinye iqophelo lokuhlungelwa umsebenzi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
4 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C High level clouds. Mild. Pta: 12-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 3-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 15-20°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 12-20°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...