Bangu-181 abashone ezitelekeni kuleli - Umbiko

2013-01-21 12:02

Johannesburg - Okungenani bangu-181 abantu ababulewe ezibhelwini ezihlanganisa iziteleka kuleli laseNingizimu Afrika, esikhathini esiyiminyaka engu-13, edlule, kusho abeSA Institute of Race Relations (SAIRR).

"Abantu abaningi bashona ngo-1999, 2006, nango-2012, kushona-30, 69 nabangu-60," kusho isitatimende esikhishwe ngabakwa-SAIRR, ngoMsombuluko.

Abantu abashona ngo-1999, bashona ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sakwaNational Union of Mineworkers, United Workers' Union of SA kanye nabe-United Democratic Movement.

Ngonyaka ka-2006, kwashona abangu-69 ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sonogada phakathi kukaMashi noMeyi.

Onogada ababengasiyo ingxenye yesiteleka, babulawa abanye bekhishwa izitimela zihamba, ngonyaka ka-2012, abantu abaningi bashona ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabasebenzi basezimayini.

Mhlaka-16 Agasti kwashaqeka umhlaba ngesikhathi kubulawa abavukuzi abangu-34, bedutshulwa ngamaphoyisa besesitelekeni, emayini iLonmin, eMarikana.

Abakwa-SAIRR bathi izibalo bazihlanganise besebenzisa umbiko wabezindaba.

Phakathi kukaJanuwari no-Okthoba, ngonyaka ka-1999 kuya ku2012, abantu abangu-313 balimala ezitelekeni kwaboshwa okungenani abangu- 3058.

Okhulumela i-SAIRR uBoitumelo Sethlatswe, uthe: "Izibalo lezi zikhomba ukuthi iziteleka zaseNingizimu Afrika zihlale zihamba nodlame."



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Sunny. Cool. Pta: 17-32°C Showers early. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 15-26°C Showers early. More sun than clouds. Warm. Bloem: 19-35°C Sunny. Extremely hot.
Dbn: 17-28°C Morning clouds. Warm. PE: 19-28°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...