Bangibangela amahloni abadlwenguli - ISilo

2013-02-26 14:06

Pietermaritzburg - ISilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ukhale ngokukhula kwesibalo sabantu abadlwengulwayo ezweni, wathi kumele abantu bawubike lo mkhuba, bangathuli nawo.

Ukwanda kwezehlakalo zokudlwengulwa kogogo, abantu besifazane kanye nezingane, yizehlakalo ezibeka kambi iNingizimu Afrika, kusho iSilo sikhuluma emcimbini wokuvulwa kwesiShayamthetho kwaZulu-Natal.

"Kungibangela amahloni ukuthi ngingabizwa ngeSilo sabantu abagila le mikhuba. Abantu bangayigwema le nto eyenzekayo."

UNgangezwe uthe ukholwa wukuthi uma abantu behlangana, kungalwiswanwa nokudlwengulwa kwabesifazane nokubulawa kwabo.

"Yonke imiphakathi ebhekene nale ngwadla, ngiyayicela isebenzisane namaphoyisa, kubikwe izigilamkhuba."

Umcimbi wokuvulwa kweShayamthetho ubuhanjelwe yizicukuthwane ezihlanganisa amalungu ePhalamende noNgqongqoshe wezamaJele kuzwelonke, uSbu Ndebele.

ISilo sibe sesinxenxa izikhulu ukuthi zenze okuthile, ukuzama ukulwa nesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi esifundazweni.

"Iqiniso nje wukuthi sihlezi phezu kwentabamlilo engaqhuma noma yinini," kusho uBhejane.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C Rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C a few showers. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-20°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...