Bangcwatshiwe abavukuzi bokugcina
2012-09-10 08:41
Johannesburg - Abavukuzi bokugcina abayisihlanu abashona ngesikhathi kusuka izidubedube emayini yaseLonmin, eMarikana ngenyanga edlule, babekwe emakhaya abo okugcina, kubika iDispatch Online ngoMsombuluko.
Ababili bangcwatshelwe e-Eastern Cape,
oyedwa eLesotho kanti ababili akucacanga kahle ukuthi babekwe kuphi, kusho lo mbiko.
Ababili abangcwatshwe e-Eastern Cape bekungoFezile
David noThembelakhe Mati.
UMati kuthiwa washona ngemuva kwezinsuku ezintathu edutshuliwe, ecashe emjondolo esaba ukuyofuna usizo esibhedlela.
Umngcwabo wakhe ubuhanjelwe nguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uThulas Nxesi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA