Bangaphezu kuka-700 ababoshelwe uthuthuva

2013-01-15 12:04
Yabelani Shicilela

Pretoria - Balinganiselwa ku-704 abantu ababoshiwe ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, beboshelwa amacala ahlobene nokudala uthuthuva emphakathini, kusho uNgqongqoshe woMnyango wamaPhoyisa uNathi Mthethwa.

"Siyakuhlonipha ukuthi abantu banelungelo lokubhikisha, nokho lokho kumele kwenziwe ngendlela, kungaphazamisi amalungelo abanye abantu futhi kungaphuli umthetho," kusho ungqongqoshe.

"Singakuqinisekisa ukuthi laba abalimaze impahla, basabisa baphinda balimaza futhi babulala abanye abantu, yizigilamkhuba futhi baboshiwe."

UMthethwa usho kanjena ekhuluma ePitoli, ngesikhathi kudedelwa izibalo zobugebengu bangesikhathi samaholidi, ugcizilele wathi amaphoyisa azokwenza konke, ukuqinisekisa ukuthi umthetho uyalandelwa.

Umkhankaso wokulwisana nobugebengu ngesikhathi samaholidi, waqala mhlaka-15 Okthoba kanti uzophothulwa mhlaka-31 Januwari.

"Silokhu sinokukhathazeka ngokungagcinwa kwemithetho okwenziwa yizakhamizi, lokhu kugcina kulahlekisele abanye abantu ngezimpilo," kugcizelela uMthethwa.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...