Bancamela uMotlanthe kunoZuma - Ucwaningo
2012-08-20 14:02
Johannesburg - Intsha yaseNingizmu Afrika incamela iPhini likaMengameli wezwe uKgalema Motlanthe kunoMengameli uJacob Zuma ukuthi abe ngumengameli wezwe, kusho inhlolovo ededelwe ngoMsombuluko.
"Phakathi kwabo bobabili laba baholi, uKgalema Motlanthe uzihambela yedwa," kusho uButch Rice wenkampani eyenza ucwaningo iPondering Panda.
Ebantwini abangu-4 637 ekukhulunywe nabo abaseminyakeni ephakathi kuka-18 no-34 ubudala, u-23% kuphela othe ungathanda uZuma aqhubeke nokuba ngumengameli ngemuva kokhetho luka-2014.
U-36% uthe uncamela uMotlanthe.
"Kusobala ukuthi abantu abasha sebephelelwe yithemba kumengameli uZuma. Uma engase aqhubeke nokuba ngumengameli, angazikhipha aziqede kubantu abasha,” kusho uRice.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA