Bamhlinza bamshiya inaliti ngaphakathi

2012-12-11 14:31

Johannesburg - Ngemuva kokulaliswa esibhedlela, ukonakala kwananeleka umzimba wonke kwathi ihlombe lakhe nengalo yakhubazeka, ngemuva kwezinyanga eziyisishagalombili umthungo wakhe wavuvukala.
 
uNgqongqoshe wezeMpilo nokuThuthukiswa koMphakathi eLimpopo kanye nodokotela wesibhedlela sikahulumeni kumele bakhokhele isiguli amademeshe ngokushiywa kwenaliti ngaphakathi imzimbeni, ngesikhathi sihlinzwa, kusho umbiko weSowetan.
 
IJaji uHans Fabricius ukhiphe isinqumo eNkantolo eNkulu ePitoli, ethi uNgqongqoshe uNorman Mabasa nodokotela u-AJ Mahmood, waseMokopane Hospital, kumele bakhokhe imali yezindleko zecala.
 
Isiguli u-Andre Potgieter, welashelwa ukonakala kwesilonda esiswini, wahlinzwa nguMahmood ngemuva kokukhala ngokuthi isilonda asipholi nokuthi uzwa nezinhlungu kuthi akaphalaze.
 
Kodwa ngemuva kwalokho ukonakala kwesilonda kwananela nakwezinye izingxenye zomzimba wakhe, ihlombe langakwesokudla nengalo yakhubazeka, ngemuva kwezinyanga eziyisishagalombili umthungo wakhe wavuza wavuvukala.
 
Ngesikhathi uqhuma uvuleka umthungo, wabona into encane ecwebezelayo phakathi, yakhiswa omunye udokotela.
 
Kwakuyilaliti, engamasentimitha engu-8 ubude.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Amalungu eNehawu abuyela emsebenzini

Emizuzwini eyi-29 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-19°C Sunny. Cool.
Dbn: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 11-17°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...