Bamfuna enkantolo uZuma - Ucwaningo

2012-10-11 12:02

Johannesburg - Abanye babantu abasha baseNingizimu Afrika bakholwa wukuthi kumele uMengameli uJacob Zuma abuyele enkantolo ayobhekana namacala enkohlakalo ayethweswe wona agcina ngokuhoxiswa, kusho ucwaningo.

"Ngesikhathi laba bebuzwa ukuthi kumele abuyiswe yini amacala abhekene noZuma, abangu-66% bathi nakanjani kumele aphinde abhekane nawo. Bangu-24% kuphela abathi awangabuyiswa, kwathi u-10% wangaphumela obala," kusho abenzi bocwaningo inkampani iPondering Panda.

Balinganiselwa ku-3 408 abantu abasha ekukhulunywe nabo, bonke baseminyakeni ephakathi kuka-18 no-34 ubudala.

Baku-64% abamnyama abathe kumele uZuma abhekane namacala, baba ngu-78% abamhlophe, babe ku-76% abangamakhaladi no-79 okungamandiya.

"Ucwaningo luveze ukuthi uZuma unogazi kakhulu kubangu baKwaZulu-Natal, njengoba bebe ku-47% kuphela abathe kumele athweswe kabusha amacala."

Kuphinde kwavela ukuthi intsha ifuna umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema, naye ebhekane namacala okungaphathi ngendlela imali, kusho abakwaPondering Panda.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 9-19°C Showery. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...