Bambambe inkunzi bamupha u-R50

2012-10-26 14:00

Durban - Umthwebuli wezithombe waseThekwini uchaze indlela izigelekeqe ezimbambe ngayo inkunzi zase zimnika u-R50, emalini yakhe zithi afake uphethiloli.

USimone Holmes, 24, utshele iphephandaba iMercury wathi ufike ekhaya kukhona amadoda amabili akade ezobamba inkunzi ,uthe laba bebebophe umsizi wakhe wasendlini.

Uthe  abaphangi babe sebemtshela ukuthi akabahambise KwaMashu, ngemoto yakhe, bathathe u-R3 500 kaHolmes, base bemnika u-R50 bethi akafake uphethiloli uma esebuyela ekhaya.

izigilamkhuba zikhale zemuka nama-laptops amathathu, i-computer, izingubo zokugqoka kanye nencwadi kaHomles yokuhamba amazwe.

Laba bajike umqondo bathi uHolmes akabashiye ematekisini zizobe seziziqhubekela.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-12°C Sunny. Cool.
Dbn: 12-21°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...