Balova kakhulu othisha bakuleli - Motshekga
2013-02-26 16:11
Cape Town – Sikhulu kakhulu isibalo sothisha abalovayo kuleli laseNingizimu Afrika, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo emazingeni aPhansi u-Angie Motshekga.
"Sinesibalo esiphezulu kakhulu sothisha abalovayo emazweni akwiSouthern African Development Community. Okungenani uthisha ngamunye ulova izinsuku ezevile ku-19 ngonyaka," kusho uMotshekga, ekhuluma nabezindaba ePhalamende.
Izibalo zoMnyango zithi ngo-2012 bebengu-392 000 othisha abaqashwe ezikoleni zomphakathi.
Uma uthisha oyedwa elove izinsuku ezingu-19, zigcina zingu-7 448 000, uma zihlanganiswa nezabanye.
Ungqongqoshe uthi kunokukhathazeka ngothisha abafika esikoleni sesevile isikhathi, waphinda waveza nokuthi eminyakeni emibili kusukela manje, zizobe zingasekho izikole zodaka.
"Ngonyaka ka-2015 zizobe zingasekho izikole zodaka kanti kuzothi kuphela lo nyaka wezimali, kuzobe sekulungiswe okungenani izikole ezingu-200.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).