Balindelwe kuleli abathunjwa
2012-06-26 12:02
Johannesburg - Izithandani ezazithunjwe yizigelekeqe zasemanzini eSomalia isikhathi esingangonyaka, uDeborah Calitz noBruno Pelizzari, bazotheleka kuleli ngoLwesithathu, kusho okhulumela umndeni.
"Bazosuka eRome kusihlwa bafike ePitoli ngoLwesithathu ekuseni," kusho umfowabo kaCalitz uDale van der Merwe
ngoLwesibili.
Lezi zithandani zizonikezwa isikhathi sokuba nomndeni uma zifika.
Bazobe sebeyiswa eMnyangweni wezokuXhumana kwamaZwe nalapho kuzothulwa khona isithangami sabezindaba, esho.
"Bazohlala isikhashana emzini kamengameli ePitoli, ukuze bakwazi ukunikeza izikhulu lonke ulwazi oludingekayo ngesigameko abahlangabezana naso."
UCalitz noPelizzari bathunjwa behamba ngesikebhe ngo-Okthoba 2010.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA