Balala esikoleni abafuna ukuphasa

2012-11-06 10:01

Johannesburg – Abafundi abazimisele ngokuthi baphumelele umatikuletsheni wabo bathi sebencamela ukuhlala ngaphakathi esikoleni, emini amagumbi bafundele kuwo kuthi ebusuku abe amagumbi okulala.

UZiphindiwe Mbasa, 18, wasesikoleni iDumsi Senior Secondary School ngaseNtabankulu, e-Eastern Cape, uthi bengabafundi abafuni ukulahlekelwa yisikhathi, uthe bazimisele ngokwenyusa isibalo sokuphasa sifike ku-90%.

Balinganiselwa ku-225 abafundi baka-matric abaqale ukuhlala esikoleni kusukela ngenyanga ka-Okthoba.

Laba batshele iphephandaba iDaily Sun bathi bazama ukuqeda isihlava sokufeyila esibonakale eminyakeni eyisihlanu eyedlule.

Uthishanhloko uSiyabulela Mbixane naye ukushayele ihlombe ukwenza kwabafundi.

“Sikholwa wukuthi abafundi abasitholanga isikhathi esanele sokufunda kusukela kwaqala unyaka. Nathi sidele isikhathi sethu, sisebenzisana nabo kulo mbono wokuhlala esikoleni, siyabasiza la bedinga khona usizo, bafunda kuze kushaye u-21:00,” kusho uMbixane.

Abafundi bakhokha u-R100 ngenyanga, bekhokhela ukudla baphinde bakhiphe no-R500 oya kubazali ababagadayo ebusuku.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Rain late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...