Bakhathele uthishanhloko oshayayo

2012-08-30 10:01

Johannesburg - Ngesikhathi abazali nothisha bebambe umhlangano wokudingida ngezindlela eziphusile zokuxosha emsebenzini uthishanhloko, yena ubesenkantolo eyokhokha mayelana necala lokushaya omunye umfundi.

Uthishanhloko uDeon Venter akabanga yingxenye yomhlangano nokho ubikele isigungu ngokuphutha kwakhe, kubika iphephandaba iBeeld.

Kuthiwa washaya umfundi ngenyanga kaJuni 2011, ngoLwesithathu ubeyokhokha inhlawulo ka-R2 000 enkantolo.

Imibiko ithi othisha nabazali sebezame iminyaka engu-12 ukuthi kukhishwe uVenter esikhundleni.

Ngonyaka owedlule ngo-Okthoba, uMnyango wezeMfundo eNorth West wambizela ngaphambi kwekomidi lokuqondiswa izigwegwe wagcina ngokwehliswa esikhundleni.

Ngemuva kokudlulisa icala wabuyiselwa futhi.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuzonqunywa ngelizayo ngabe-EFF abamiswa

Emizuzwini eyi-15 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...