Bakhala ngothishanhloko abazali

2012-09-05 10:02

New Brighton - Uphinde waphela kukubi umhlangano obubanjwe ngabazali abangathokozile abakhala ngothishanhloko ozenzela umathanda aphinde aqashe abantu aba"yizipoki".

Iphephandaba iDailySun ibike ukuthi ngoMgqibelo abazali bezingane ezifunda eMolefe Primary School, eNew Brighton, ePort Elizabeth, babambe umhlangano ngenhloso yokudingida ngokwenza kukathishanhloko.

Umhlangano uphele kumuncu futhi kungafinyelelwanga esisombululweni njengoba kuze kwadingeka ukuthi kubizwe amaphoyisa azohlenga uthishomkhulu.


Umphakathi nabazali abebethi abamudle bamfele lo thishanhloko abathi uqhuba inkohlakalo, bathi usebenzise budedengu isamba semali engu-R250 000, eyabe inikelwe yizinkampani ezizimele kunjalo uzenza umasitende afune imali kubantu abahlala endlini yabasebenza ngaphakthi esikoleni.

Ilungu lesigungu esimele isikole uVelile Khome uthe babhalela uMnyango bekhala ngokuqashwa kothisha abangekho.

“Sabhala incwadi ekuqaleni kwenyanga eyedlule, namanje asikaze siyithole impendulo."

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 9-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...