Bakhala ngokungaxhaswa abagcina izintandane

2012-12-07 12:02

Johannesburg - Isikhungo esigcina izintandane ePitoli sithi asisalutholi uxhaso ezinkampanini ezinkulu, njengoba isibalo esingu-70% wezingane ezigadwayo, zimhlophe ngokwebala.
 
U-Elzane van der Merwe, wesikhungo iJacaranda Children’s Home uthe: “Impendulo eziyitholayo ithi: Siyaxolisa aniphumeleli ohlwini labathola uxhaso, oluthi kumele kunikwe abangena ngaphansi kwe-Black Economic Empowerment (BEE),”  kusho umbiko weBeeld.

UVan der Merwe uthi isikhungo asizikhetheli izingane esizithathayo.

“Kithina ingane yingane nje qha. Asicwasi, sinezingane ezingu-250, ezineminyaka esukela kowodwa kuya ku-18 ubudala. Asiyibheki indaba yebala nobulili.”

UVan der Merwe uthi yize noma uMnyango wezoHwebo usudwebe imigomo emisha ezinkampanini ezingaphansi kwe-BEE, uthi namanje izinhlangano zezenhlalakahle zisanenkinga.

Uthi ukungatholi kwabo uxhaso kuyakhathaza njengoba kuphazamisa inhlalakahle yabantwana.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-24°C Sunny. Mild. PE: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...