Bakhala ngenduna evimbela intuthuko
2012-07-03 10:01
Jabulani Langa, Daily Sun
Johannesburg - Babhekene ngeziqu zamehlo induna nekhansela lendawo eNquthu ngaseVryheid, eKZN njengoba ikhansela lisola induna ngokuphazamisa ukuhanjiswa kwentuthuko.
Ikhansela le-IFP uMbongeni Mnguni uthi induna uJoseph Jiyane akafuni ngisho ukubiza imihlangano yomphakathi.
“Induna yaphazamisa ukuhanjiswa kwentuthuko ewadini, ngo-Ephreli uJiyane wafika emhlanganweni ephethe isibhamu wathi ngeke sikwazi ukubamba imihlangano endaweni yakhe ngoba siyizixhwanguxhwangu," kusho uMnguni.
“Azange ngilivule icala ngoba ngangisathukile kusanda nokushona ubaba. Asikwazi kwenza lutho kule ndawo."
UMasipala wesifunda uMzinyathi kuthiwa ububambe imbizo ngempelasonto kodwa induna yangabonakala nangokhalo.
IMeya uJames Mthethwa utshele i
Daily Sun ukuthi ubeyimemile induna kodwa yangafika.
“NjengeMeya angeke ngibukelwe phansi esifundeni sami. Into eyenzeka kule ndawo isingaphezu kokwenza. Nakanjani sizothatha izinyathelo,” kusho uMthethwa.
Induna ithe: “Leli yizwe lami. Ngifuna abantu balandele imigudu efanele. Kumele abantu baseZululand bahlukane nokuthatha izinto ezenzelwe abantu baseMzinyathi.
- Daily Sun