Bakhala ngemeya exhaphaza imali eF State
2013-01-29 16:24
Bloemfontein - Umbiko wezimali zikaMasipala wesifunda eXhariep, eFree State, uthi izimoto zemeya yesifunda UMongi Ntwanambi, zisebenzisa amakhilomitha aphakathi kuka-450 no-1 000 ngosuku.
Umbiko wephephandaba iVolksblad uthi lokhu kudla abakhokhi bentela imali elinganiselwa ku-R480 008 ,njengoba ehamba ngemoto eyiMercedes-Benz, nenye imoto eqashiwe.
Le mali ingaphezulu ngengxenye kunaleyo eyasetshenziswa ngonyaka ka-2010.
Iphephandaba lithi ngenyanga ka-Ephreli, kwasetshenziswa imali elingansielwa ku-R42 964, kufakwa uphethiloli, kwathi ngenyanga kaJulayi kwafakwa uphethiloli ka-R4 637, kwathi ngesikhathi imoto yakhe iyokhandwa, umasipala wasebenzisa imali elinganiselwa ku-R60 000.
Kuthiwa uNtwanambi wasebenzisa ithuba lokufa kwemoto yakhe njengendlela yokukhombisa umasipala ngokubaluleka kokuthi athengelwe imoto.
IDemocratic Alliance, eFree State, ithi lezi zibalo ziyashaqisa, ithi kumele uMcwaningi maBhuku Jikele aphenye.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).