Bajabule beqeda ukubhala eKZN
2012-11-27 16:35
Durban - Abafundi bakamatikuletsheni baKwaZulu-Natal angeke basizwe nakancane isikhathi abazosihlala belinde imiphumela yabo, njengoba ithe chithi saka imicibhi ehlelelwe abafundi.
Abezindaba zeNewswatch bathi abaseMhlanga Urban Improvement Precinct bathi kunemali engu-R7.5-million ebekelewe ubumnandi obuzobanjelwa ezindaweni ezihlanganisa uMhlanga neBallito.
Imizimbi izoqhubeka kuze kube yiviki lokuqala lonyaka ozayo, kulindeleke le micimbi iphinde ikhulise umnotho wesifundazwe ngo-R80-million.
Omunye wabahleli bemicimbi uBrian Wright uthe balindlele okungenani abafundi bakamatikulesheni abangu-6 000 ngosuku, kuyona yonke imicimbi.
Kuthiwa zizoqina kakhulu ezokuphepha.
"Indaba yezidakamizwa nokungaziphathi kahle kwabantu angeke neze yenzeke. Ezokuphepha zizoqina kakhulu," kusho uWright.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).