Bahlulwa wukubonga abafundi abaseCuba - Nzimande

2013-02-22 14:03

Johannesburg - Abafundi baseNingizimu Afrika abafundela ezobudokotela eCuba, nabasesitelekeni sokwenyuselwa isibonelelo sanyanga zonke, bakhombisa ukungakwazi ukubonga, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo emazingeni aPhakeme uBlade Nzimande.

"Akwamukelekile ukuthi abafundi bangakhombisa ukungabi nokubonga okungaka, ekubeni bebe bezazi ukuthi baphuma ezweni elivele libhekene nenselelo yezemfundo emazingeni aphakeme," kusho uNzimande.

"Ngiyakugxeka kakhulu lokhu kwenza."

Okungenani abafundi abangu-187 abafundela ubudokotela eCuba, bangene esitelekeni sokuduba ukudla, basabisa nangokuthi bazobuyela kuleli laseNingizimu Afrika uma kungahlangabezwana nezidingo zabo.

UMnyango uthi abafundi bafuna isibonelelo sika-US500 (R4 439).

UNzimande uthi uhulumeni wasebenzisa isamba esingu-R500 000 kumfundi ngamunye, eminyakeni eyisithupha eyedlule, kukhokhelwa izindleko zokufunda nokuhlala eCuba.

Ukwenza kwalaba bafundi kufiphalisa amathuba angase atholwe ngabanye abafundi abasenamaphupho, abakuleli laseNingizimu Afrika.

"Bafuna into engaphezu kwamandla, uma befuna ukubuya ababuye kunikwe abanye ithuba lokufunda, baningi abantu abafuna ukwelekelelwa."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kusolwa amadlozi ngowebe iLip Gloss

Emizuzwini eyi-24 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C High level clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 13-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...