Bahlomula-R900m abangani bakaMalema
2013-02-01 10:05
Limpopo - UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu eLimpopo, wakhipha amathenda ezindodla, ukhiphela izinkampani zabangani bakaJulius Malema, owaxoshwa emsebenzini wakhe wokuhola uphiko lwentsha ye-African National Congress.
Iphephandaba iThe Star lithi linobufakazi obuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye nowokuHlaliswa kwaBantu, yashaya indiva izincomo zekomidi, elalikhipha imibono ngokukhishwa kwamathenda.
Amathenda lana kuthiwa angaba awenani lika-R900 million.
Ikomidi laveza ukuthi izinkampani ezahlomuliswa zabe zingawenzi ngendlela umsebenzi futhi zehluleka ukubeka obala izitatimende zenzuzo yazo.
Izinkampani ezahlomula zihlanganisa eyomngani kaMalema uSelby Manthata nonkosikazi wakhe uHelen
Moreroa, eka-Ali Boshielo, Matome Hlabioa, Collins Foromo kanjalo noMohammed Dada.
UHlabioa waphumela obala wavuma ukuthi wanikelela uMalema ngemoto yenani lika-R1.2 million, eyiRange Rover, kwathi uDada walekelela ekwakhiweni kwesonto iSeshego Church, ecelwe nguMalema, uBoshielo yena wakhela umsubathi uCaster Semenya indlu ngo-2009.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24