Bahlole igazi ukugubha uJuni 16

2012-06-18 11:51
Yabelani Shicilela

Cape Town - Ingaphezu kwekhulu intsha yasezikoleni ezinhlanu ezahlukene ehlolelwe igciwane lengculaza njengomgubho wosuku lwentsha elokishini eNyanga, eKapa.

Iphephandaba iDaily Sun ibike yathi leli yingxathu elithathwe nguMnyango wezeMpilo kumasipala, ukugqugquzela ukuziphatha ngendlela eyamukelekile kubafundi.

Intsha ilulekwe ukuthi inake izifundo zayo ingabi nengcindezi yokuzibandakanya nezocansi.

“Sihlele ukuthi abafundi bahlolelwe esidlangalaleni ngoba besifuna bazizele bona bengaphoqiwe," kusho u Lungiswa James ovela ehhovisini lemeya.
 
“Bekumnandi, sifundiswe ukuziphatha nanokuthi singazibandakanyi nocansi nabantu abaningi," kusho umfundi uNozuko Mhlana, 18.

UZiyanda Nyakathi, 20, uthe kubalulekile ukuthi intsha ihlolele igciwane lengculaza, uthe bafunde lukhulu ngalolu suku.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 12-23°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 10-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 13-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...