Bahlengwe kwi-tsunami abakuleli
2012-04-11 16:38
Cape Town - Abantu baseNingizimu Afrika bangu-27 bahlengwe emagqumeni aseThailand edolobheni lasePatong, bebalekela isishingishane samagagasi olwandle ahlasele indawo ngoLwesithathu.
Ukuhlasela kwesishingishane kuholele ekutheni kube nokwesabela ukuthi kungase kuhlasele i-tsunami.
Abantu abahlengiwe bahlanganisa umsakazi uClarence Ford nosazaiwayo u-Alistair Izobell.
U-Izobell utshele abezindaba zeNews24 wathi bebesesikebheni esiqhingini ngesikhathi kuhlasela isishingishane.
“Amaphaphu aphansi kithi sonke. Bonke abantu bazamile ukuselekelela,” kusho u-Izobell.
Bonke abahlali abasePatong, basusiwe kulendawo kuze kuba kuqondakala kahle nge-tsunami.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi
lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24