Bafuna incazelo abashonelwe yingane
2012-06-29 10:05
Jouberton - Ufuna ukuthi kwenziwe uphenyo umndeni wosana olushonele esibhedlela nekusolakala ukuthi lwawiswa ngumhlengikazi osafunda, kubika iDaily Sun ngoLwesihlanu.
UMammie Mokalake, 32, waseJouberton wangeniswa esibhedlela iKlerksdorp mhlaka 20 Juni ngesikhathi esikwa.
“Sengibelethile ngatshelwa ukuthi ingane ayikhali, yase iyiswa egumbini labagula kakhulu," kuchaza umama wengane.
“Kusukela ngalelo langa bengilokhu ngivakashela umfana wami egumbini agcinwe kulo, mhlaka-24 Juni ngabona ukuthi unezibazi ekhanda ngase ngicabanga ukuthi wawiswa ngumhlengikazi owabe engisiza."
- Daily Sun